USuthu neminyakazo emisha

Posted by:

|

On:

|

AMAZULU FC ethula abadlali nejezi elisha esithangamini sabezindaba emahhovisi awo muva nje

Nash Ngcobo

AMAZULU FC okuphele isizini edlule esekhombisa inqubekela phambili azoqeda lena eqalwayo esekwiTop 4.

Lokhu kuzovunwa wukuzalwa kabusha okufakazelwe wukusayinisa abadlali abaneminyaka engama_24 kuya phansi. Lezi zindaba ziqinisekiswe wuMengameli wale liqembu uSandile Zungu otshele abezindaba ukuthi uSuthu alusophinde lube yindawo yokugugela neyokulahla okungasadingwa ngamanye amaqembu.

Ubonge bonke abadlali abasebenze ngokuzikhandla bafaka iqembu kwiTop 8 nakuba abanye babo bengabuyiswanga. Uthe sebethathe isinqumo sokuzikhulisela abadlali bese bebakhuphulela eqenjini elikhulu..

“Kule sizini sikhule abadlali abayi_8 abaphuma kwi_DDC sabuyisa nebesitshelekise ngabo. Bayi_16 abadlali abaqhamuka KwaZulu_Natali kwebesinabo ekhempini. “Sihlome sizingovolo ngabadlali abasazohlala nathi iminyaka emine kuya phezulu, ” kusho uZungu.

Uthe yilona luhlobo lwabadlali abazokhuphula iqembu liye kuTop 4 weBetway Premiership log. Izindaba ezintsha wukuthi iqembu lizobuyela ePrincess Magogo Stadium emva kokwehluleka ukuthola iKing Zwelithini Stadium.

Ukuya koSuthu KwaMashu kulusondeza nekhaya lalo Embelebeleni. Uthe basazoqhubeka nokudlala eMoses Mabhida Stadium.

Abantu baseMgungundlovu namaphethelo bangase babe nenhlanhla yokulethelwa imidlalo yoSuthu eHarry Gwala Stadium njengoba iRoyal AM ingasekho neMaritzburg United/Durban City ingasadlali khona.

Posted by

in