UZimba uhlinzeka izwe ngonozinti

Posted by:

|

On:

|

ABAQEQESHI bonozinti nonozinti uqobo abebehambele izifundo zalomkhakha ebezethulwa eThekwini yiSipho Zimba Goalkeeping Academy.

Nash Ngcobo

UMQEQESHI wonozinti KwaZulu-Natali uthi uyovinjwa wumkhathi ekuvundululweni nasekuqeqeshweni konozinti eNingizimu Afrika.

Lowo nguSipho Zimba osezinikele kulomsebenzi wokuqeqesha abaqeqeshi ikakhulukazi abazobhekana nonozinti.

Lo mdlandla kaZimba uqina inyanga nenyanga emva kokusungulwa kweSipho Zimba Goalkeeping Academy, okumanje isagxile eThekwini kodwa ezodlulela nakwezinye izifunda.

Inhloso enkulu yalesi sikhungo wukwandisa onozinti emaqenjini akhokhelwayo, ukushoda kwabo okunikeza ingcindezi amaqembu esizwe.

Ngaphansi kwale-Academy uZimba usebenze nabaqeqeshi okubalwa kubo uMolefi Ntseki, uXolani Ngcobo, uSamkelo Mbambo noPhilani Zikalala.

Uveze ukuthi yena nalaba baqeqeshi baphekwe wuShepherd Murape ongasekho owayedabuka eZimbabwe kodwa owafika kuleli ezoqeqesha i-Orlando Pirates.

“Abaqeqeshi kufanele
bagqugquzele onozinti ukuvimba okungenani amaphenathi amabili, eyesithathu sekungaba yibhonasi.

“Bonke ososeshini bendawo kufanele babe nebhukwana elinemithetho yokuziqeqesha (coaching manual) ukuze balekelele abaqeqeshi ngokwezigaba zabo.

“Lokhu makudluliselwe ezikoleni ezingaphansi kwalabo soseshini ukuze kusizakale nothisha abafuna ukuba ngabaqeqeshi,” kuqhuba uSipho.

UZimba ungomunye wabantu asebezidele amathambo bebona ukushoda konozinti emaqenjiini akuleli maqede wasungula lesi sikhungo, akholwa wukuthi sizoba yisixazululo sokushoda konozinti.

Lo mqeqeshi owazakhela igama kwiDurban Bush Bucks, iRoyal Tigers nakwi-African Wanderers, unxusa izikole, abazali nososeshini ekuletheni abadlali abangonozinti bazoqeqeshwa kulesi sikhungo.

Uthi kusadabukisa ukubona amaqembu amakhulu akuleli enesibalo esincane sonozinti abangabokuzalwa kuleli.

Uzwakalise okukhulu ukubonga ngokwesekwa wumqeqeshi uZipho Dlangalala, ulwazi lwakhe kunobhutshuzwayo olungangatshazwa.

Onozinti athi ufunde futhi wabukela kubona ngoPatson Banda, Henry Cele, Gorilla Peters, Fred Mfeka, Vuma Mfeka, Moses Khanyeza, Dave Watterson, Brian Boss, Barry Martins, Buddy Govender, Obed Dlamini, Neil Blakenberg, Karl Karfun, Thulani Cele, Xolani Hlomuka ukubala abambalwa.

Abafuna ukwazi kabanzi nge-Academy kaZimba bangamshayela kulenombolo 0693412992.

Posted by

in

6 responses to “UZimba uhlinzeka izwe ngonozinti”

  1. Delisile Ngcobo Avatar
    Delisile Ngcobo

    Great

  2. Nkanyiso Avatar

    Nice one keep it up

  3. ginjarh Avatar
    ginjarh

    Met coach this year, such a great coach

  4. Thabo Dladla Avatar
    Thabo Dladla

    Ukufunda kuqala ekhaya kungaba isikole noma ezemidlalo. Izinkinga zethu zizoxazululeka mhlazane abazali abansundu ikakhulukazi obaba babe nentshisekelo yentuthuko yabantwana babo. Iningi lethu alinasikhathi nothando. Ngicabanga ukuthi ithina kuphela izingane zethu ezikhuliswa abanye abantu. Nezilwane zenza kangcono kunathi. Abazali abansundu abafunde ukuxhasa izinto zabo. Siyabonga Sipho ngothando lwezwe nabantu abansundu.

  5. Delisile Ngcobo Avatar
    Delisile Ngcobo

    Good

  6. Delisile Ngcobo Avatar
    Delisile Ngcobo

    Kuyezwakala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *