
uhambo lokuvakashelwa kwezakhiwo nabanikazi bamabhizinisi axhaswe Ithala..

Industrial Park e-Intersite Avenue..
Nash Ngcobo
ITHALA Development Finance Corporation okuwuphiko loMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natali, liqhakambisa ukuqhubeka nezinhlelo zalo zokweseka osomabhizinisi ngezindlela
ezahlukene njengoba bekwenzeka phambilini.
Lokhu kufakazelwe wukuvakashelwa kwazo zonke izikhungo zamabhizinisi asekwe yile nhlangano ngenhloso yokubheka umonakalo okuzona nokuzwa nezikhalo zamakhasimende ayo.
Izindawo ezivakashelwe yilezo abanikazi bamabhizinisi ezikhahlamezeke ngezindlela ezahlukene ezikhathini ezifana neseCovid-19 nesokutashwa kwempahla (looting) ngoNtulikazi (July) 2021.
Lezi zindawo kuseSpringfield Light Industrial Park eziku—91 Intersite Avenue, Umgeni Business Park okubonakale enkulu impumelelo emabhizinisini akuzona iningi lawo angajwayelekile ohlangeni olumnyama.
Kusukwa kule ndawo kwayiwa KwaMashu SMME ku-36 Ntombela Road ngemuva kwesiteshi samaphoyisa nokuyilapho kubonakale amahhovisi amahle angasenamafasitela nezicabha kodwa isakhiwo sawo sihle ngendlela eyisimanga.
Okugqame kakhulu kuwo wukutholakala kwabaqaphi besakhiwo ukuze kuphephe abanikazi bamabhizinisi, abathengi nalaba abadinga ukusizakala kulokho okutholakala kuwo.
Kudlulelwe KwaMashu Shopping Centre isakhiwo sakhona esikhulukazi esinamabhizinisi akhahlamezeka ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19, okwalandelwa wukutatshwa kwezimpahla ezitolo (looting) ngeziyaluyalu zikaJuly (Ntulikazi) 2021.
Kuningi okonakala kulesi sikhungo esikhulukazi kule lilokishi kodwa okumanje ukuvuselelwa kwaso sekuqaliwe kanti kulindeleke ukuthi kufike uMbasa (April) 2027 kube sekuphothuliwe.
Lo luhambo lusongwe eMlazi okuyilokishi elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi elinezakhiwo eziningi zale nhlangano.
Isakhiwo okuvalwe kuso ngehlahla Umlazi Shopping Centre kwabanye esaziwa ngo-Umlazi W Centre nesinye esiku-W 868 esikuMangosuthu Highway.
Kuvalwe ngezakhiwo ezikwa-V zosozimboni abancane kwa-V 1334 lapho osomabhinisi abahweba kulezi zakhiwo bebike izinkinga eziningi abahlangabezana nazo, okubala ukunqamuka kwamanzi nokushoda kwezokuphepha.
Umgidi uvalwe wukuvakashelwa kwesikole sokuqala esizimele esiqala ebangeni u-R kuya kwele-12 esiselokishini. Isakhiwo esikusona lesi sikole bekuyinhloko hhovisi ye-Ithala njengoba eseseThekwini.
Usihlalo webhodi ye-Ithala uMnuz Khayo Mpungose uluthakasele lo luhambo wancoma ukuthi bonke osomabhizinisi abahweba ngokusizana nale nhlangano, bavele obala babike ngezinkinga ababhekene nazo ukuze kuhlatshelwe phambili.
Uthe kufanele kufike uZibandlela 15 (December) ibhodil lakhe libe selizihambele zonke izakhiwo nosomabhizinisi ukuze kubonakale lapho bengasizakala khona ukuze baqhubeke nokuhweba.
Ziningi izakhiwo ezixhaswe yi-Ithala ezisazovakashelwa ngenhloso efanayo yokuvuselela uhwebo nokwengezwa kwezidingo zokuhweba kwesimanje ukuze abantu bathole imisebenzi.