
Nash Ngcobo
INHLANGANO yabahlali baselokishini laseMpumalanga eHammarsdale PCC, izoqhubeka nokuphikisa ibheyili kwabasolwa ngokubulala uSis Lindiwe Dlamini.
Lokhu kuzophinde kwenzeke eNkantolo yesiFunda eMkhambathini (Camperdown) ngoMfumfu 2 (October) okuzovela kuyo abasolwa.
Laba basolwa becala lesihluku sokubulawa kwencekukazi yeNkosi, bazovela okwe-16 enkantolo yesibili, okuze kube yimanje ayicaci indlela ebheke phambili.
UNks Dlamini wathelekelwa ngentululwane yezinhlamvu zesibhamu esemotweni ebuya eNtshongweni emhlanganweni weBandla lamaWeseli.
Kwenzeka lokhu nje wayesinde ekuthunjweni wagqunywa ndawana thizeni eThornwood.
Wathunjwa engena emzini wakhe ose-Unit 6 khona elokishini iMpumalanga ebuya esontweni.
Inhlangano yabahlali baseMpumalanga, eyabesifazane bamahlelo ahlukene kubalwa nawepolitiki, ayaphikisana nokunikwa kwalaba basolwa ibheyili.
Qaphela: SUBSCRIBE mahhala kule liphephandaba ekugcineni kodaba.