Sizolalelwa ngoMfumfu 22 esebheyili yeKhansela

Posted by:

|

On:

|

ABALANDELI bakaKhansela Luthando Jali bazogcwala kule nkantolo bezolalela ukuthi uyayithola
noma cha ibheyili ngoMfumfu 22.

Nash Ngcobo


ISAKHAMUZI esiqavile futhi esingumholi kuWard 7 entshonalanga yeTheku sizophinde sivele
enkantolo kamantshi ePinetown ngoMfumfu 22 (October), sizotshelwa ukuthi siyayithola ibheyili
noma cha.


Lesi sakhamuzi nguMnuz Luthando Jali (36) obekwe icala lokubhozomela umgilwa ngocansi
lwendluzula (20) emva kokumbophela esihlalweni, wamkhomba ngesibhamu maqede wamdlwengula.


Ummangalelwa uboshwe nabangani bakhe oMnuz Wiseman Sandile Madlala (34) noNhlanhla Ntinga (35)
ababezibusisa ngeziphuzo ezinhlobonhlobo emva kokuphelezela uJali ukuya emcimbini weBandla
laseChibini eDamini eNtshongweni.


Inkantolo itshelwe ukuthi umgilwa wamenywa nguJali ukuya naye kulo mcimbi weBandla.
Ngaphambi kokuya kulo mcimbi, wayiswa enxanxatheleni yezitolo wayothengelwa okokugqoka.


Ummangali kulo mcimbi ubethathwa njengesinqandamathe sikammangalelwa, okuthe makuphela
umcimbi kwayiwa emzini kammangalelwa, kwaphuzwa kwamnandi, okulandelwe wukudlwengulwa
kwakhe.


Kuvele nokuthi ummangalelwa wakhonjwa wummangali ngesibhamu ngaphambi kokumdlwengula,
okuyinto aboshwe nabo abayiphikayo.


Umgilwa uyakuphika ukuba yisinqandamathe sikammangalelwa. Laba ababili ababoshwe noMnuz
Jali bayakuphika ukuthi nabo bazitika ngocansi lwenkani kummangali, kodwa babekhona kwenziwa
lokhu kummangali.


Lokhu kubikwa ukuthi ummangalelwa wakwenza esemzini wakhe oku-35 High Street eNew Germany
kanti ummangalelwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoNcwaba 29 (August).


Uvele okokuqala enkantolo ngoMandulo 8 (September) kanti isicelo sebheyili sichithwe kubona
bobathathu ngoMandulo 15, okumanje basesitokisini balindele uMfumfu 22.


Izinkulumo zikammangalelwa ayesongela ngazo ummangalelwa ngaphambi kwephoyisa
elalizombopha, yizona kanye ezizomkinatela angayitholi ibheyili.

Iphoyisa elabopha laba mangalelwa lizwakalise okukhulu ukudelelwa komthetho ngumuntu onikwe amandla okuhola umphakathi yize esebona ukuthi inhlanzi isishelwe ngamanzi kuyena.


UKhansela Jali umataniswa nale licala nje, umphakathi wendawo ayiholayo aweneme neze ngendlela
angawukhathalele ngayo ekuwukuhlinzekeni ngezidingo zawo njengomholi.

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *