
Nash Ngcobo
KUZO zonke izingqinamba obhekene nazo, cela amandla okuzinqoba.
“Lesi sinkwa osidlayo masikunike amandla okunqoba zonke izinkinga obhekene nazo.
“Kanjalo negazi likaKristu oliphuzayo lizohlanza izono, konke okwenzayo nokufisayo kuzophumelela.”
Lawa ngamazwi entshumayelo kaFata Thamsanqa Njiyela awasho entshumayeleni yemisa langeSonto eSt Immaculate Conception ePinetown.
Uthe uma usuvumile ukuba yikholwa, yiba yilungu eliwusizo eBandleni.
Alifuneki ikholwa elinikwa umsebenzi bese liba nongabazane ekuwenzeni ngempumelelo.
Uqhubeke ngokuthi impilo nokuphila kuwumzabalazo, okufanele unqotshwe ngaso sonke isikhathi
“Hlukana nokuba wumva kwezinye, kodwa ube ufuna umvuzo olinganayo nowabasebenzela iBandla,” kuxwayisa uMfundisi Njiyela.
Ukhuluma kanje uFata Njiyela, izwe liyadunguzela uSathane ugida emicabangweni yabantu nengxenye yababusi bezwe, muva nje abangenamkhombandlela ocacile.
Njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya, abafuneki abaholi engabonakali imisebenzi yabo kanjalo noholo olungenabuqotho nabulungiswa.
Ubunye bomoya wokubamba iqhaza ekuxazululweni kwezinkinga zezwe, kufanele besekelwe yindlela abantu abazovota ngayo.
Amakholwa adinga ubunye bokuzabalazela ubulungiswa nenhlalo enhle ezweni njengoba enza echitha uhulumeni wengcindezelo.
Lokhu kufanele kubuse onembeza bawo uma esevotela abaholi abafisayo, abeseyabathandazela ukungamuki nolwandle lwenkohlakalo egubuzele izwe.
Leave a Reply