
.

Nash Ngcobo
UMLANDELI wokuqina kanobhutshuzwayo ogcine esengumqeqeshi unxusa iziphathimandla ngokungenelela ezinkingeni ababhekana nazo.
Akagcini lapho ufisa izwe lazi ukuthi ukuzinikela kwabo kunobhutshuzwayo sekuhlalise lubhojozi abanye babo nemindeni yabo.
Lowo nguBongekile “Khaladi” Mbeje waKwaZulu_Natali ongumlandeli wokuqina waMaZulu FC.
Ukunganakwa kwekhono lakhe oSuthwini, kuvulele iKaizer Chiefs ithuba lokusebenza naye phambilini.
UBongekile ungomunye wabantu abavuthiswa igatsha labalandeli beChiefs iSt Emmanuel Cathedral Branch eseThekwini.
Le ligatsha elaliholwa nguMakhosi Mabaso ongasekho laziwa ngokudlisela ogageni amaningi KwaZulu-Natali, ihhovisi lalo elaliphethwe nguKhaladi.
Le ntokazi edabuka kaLushazi eDalton yakhulela eMatimatolo eMdlovana, ezemidlalo noqedisizungu bekuyinto esemizweni yayo.
Ingumvundululi wamakhono abadlali bakanobhutshuzwayo, ingumqeqeshi osezingeni leConfederation of African Football.
Isifiso esikhulu sikaKhaladi ngesokuthi iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba imkhoselise kwezinye izakhiwo zeTheku ukuze aqhubeke nokucija amakhono entsheni.
Ekufikeni kukaKhaladi eThekwini esuka eMdlovana uhlale eMandeni nokuyilapho ejoyine iHeroes of Faith eMachibini, eMatsheketsheni eChappies Township.
Njengomuntu obengawukhethi umsebenzi uzithole esecula eThe Playhouse ngaphansi kukaTiki Nxumalo.
Ukugqama kwethalente lakhe, uhlwithwe yiSarafina 2 eyamthatha yaya naye eGoli.
Uthi kuningi okwamthena amandla eGoli. Emva kwesikhashana, uhlangane neKhumalo Boys eyamdlulisela kwiJamos Musical.
Akahlalanga kakhulu emculweni, wangena kwezokwakha eVosloorus nase-Alberton egxile ekupendeni (painting).
Ushiye kule ndawo wadlulela eKgashashane eSpruitview lapho aqhubeka nokwakha izindlu.
Ngonyaka we-2013 ubuyele eThekwini, wahlala eMlaza naseMkhazini edayisa amagwinya, ufishi nama-chips.
Efika eThekwini uqoqe abafana wasungula iqembu likanobhutshuzwayo.
Konke lokhu ukwenza nje usebuyele eThe Playhouse.
Uthi ngelinye ilanga esendleleni ebheke ePlayhouse uzithele kuKaizer Motaung noChina Ngema behlangene negatsha labalandeli beKaizer Chiefs laseYMCA lise CityHall nokuyilapho amukelwa kunobhutshuzwayo okhokhelayo.
“Igama likaKhaladi ngaliqanjwa nguKaizer Motaung emva kokulandwa ePlayhouse, kwaba wukungena kwami kwiChiefs.
” Ngihlale isikhathi eside kwiChiefs kwaze kwaqubuka umbango wamasheya kaNgema eqenjini ayefunwa ngumndeni wakhe, ” kusho uKhaladi.
Uthi iziphathimandla zeChiefs zasola yena ngalo ludaba olwaselusephephandabeni.
Uqhubeka athi isimo saba muncu phakathi kwakhe neChiefs, kwalandela ukumiswa kwakhe.
“Okubuhlungu anginikezwanga ithuba lokuzikhulumela noKaizer ngalo ludaba, kwaba wukuhlukana kwami neqembu.” kuqhuba uBongekile.
Udalule ukuthi udaba lwamasheya kaNgema kwiChiefs, lwalungafihliwe eCathedral, kodwa ingcabha yaphuma ngaye.
Ehlukana neChiefs ubeseqale izifundo zeMaster Class ezazihlelwa nguPhumlani Dube zokusebenza komsakazo namaphephandaba.
Njengamanje uKhaladi ungumvundululi wamathalente kanobhutshuzwayo futhi ungumqeqeshi.
Uzimisele ukuqeqesha futhi akhulise abadlali abasebancane, abasondeze emaqenjini
Oshicilelweni olulandelayo uKhaladi uzosilandisa ngendlela aseyihambile nabaqeqeshi kanjalo nabadlali abasakhula.
Leave a Reply