

Nash Ngcobo
UKUNQOBA kwe-Edendale Tech High isicoco seCAF Schools Football Championship esigabeni sabesifazane, kujatshulelwe nxazonke emcimbini obusemagcekeni alesi sikole muva nje.
Lesi sikole esingesisha ekunqobeni izindebe kwezemidlalo, sakhelwe inkundla ezovumela ukudlalwa imidlalo enhlobonhlobo okubalwa kuyo nebasketball.
Akugcinanga lapho sakhelwe amagumbi amahlanu okufundela, kwavuselelwa nehholo elalimala emva kwezimvula ezinkulu.
Inkundla, amagumbi okufundela, izindlu zangasese eziyi-9, ihholo kwazovala ngomnikelo webhasi elizothutha abafundi abadlala unobhutshuzwayo.
USarah Mukone oyisikhulu seConfederation of African Football obemele uDkt Patrice Motsepe, ubongele abafundi ngokuzikhandla okuholele ekuzuzeni lemiklomelo.
“Namhlanje sizogubha imiphumela kanobhutshuzwayo nokubalulela kwemfundo.
“Nginxusa abazali, othisha nomphakathi ozosebenzisa lezi zinkundla ngokuvikela lomlando nefagugu elilethwe ngabafundi banyakenye,” kusho uMukone.
Ubonge abazali, othisha, abaqeqeshi nomphakathi ngokulekelela ngakho konke empumelelweni kweqembu lesikole.
Unxuse amantombazane akulo nyaka ngokuqhubeka aqhakambise umsebenzi wozakwabo banyakenye ukuze kuthuthuke bonke abasazofunda kulesi sikole.
Uthishanhloko walesi sikole uNompie Mdletshe uthe lokhu yingqophamlando nefagugu okufanele ligcinwe futhi livikelwe nxazonke.
Ubonge wanconcoza kuthishanhloko waphambilini uThulani Njokwe ngokwendlalela lempumelelo, ewa evuka nalezi zingane.
Ayisalanga iMotsepe Foundation eholwa nguDkt Precious Moloi-Motsepe ongumqalisi wendlela yokuxhaswa kwemidlalo yezikole emazingeni ahlukene.

Leave a Reply