

Governing Body uJG Cele.
Nash Ngcobo
UKUBA ngumqalisi wezinto eziyisa isizwe phambili kanjalo nokubukelwa kuwena konke okuhle, yinto Isibukosezwe High saseHammarsdale esizigqaja ngakho noma siphikwe yimiphumela kaGrade 12 ka-2025.
Lokhu kubonakale ngokuqhubeka nokuphokophela kwaso impumelelo ngenkathi siba yisikole sokuqala eHammarsdale ukunikelelwa nge-science laboratory yiBuckman Laboratories okungenye yezinkampani ezindala kule ndawo.c
Zonke izikhulumi ebezincoma le ngqophamlando zinxuse umphakathi ngokuvikela lesi sikole esinengcebo yelaboratory, ezosiza nomphakathi imbala. Zacela ukuba nezinye izikole zibukele kusona naso singazibandlululi ezingenalutho, kodwa kubanjiswane.
Kuningi lesi sikole esihluke ngakho kwezinye zalo luhlobo kanti abaphathi nothisha baso basho ngazwi linye ukuthi bazowa bevuka belwela ukuthi siphumelele ngokuphindiwe kukho konke okwenzeka ngokwezinga lesimanje.
Kuningi okuhle nokudingwa kakhulu yisizukulwane samanje okusengenzeka kulesi sikole yinqobo nje uma abazali, izingane, othisha nomphakathi kungakhulunywa ngezwi elilodwa lenhlonipho nenqubekela phambili.
USolwazi uMfundisi Johnson Hadebe unxuse uMdali ekushintsheni imiqondo nezinhliziyo zabantu ngokubuyela ekuthandeni nasekuvikeleni zonke izakhiwo abakhelwe zona ukuze kuzuze wonke umuntu.
“Akuphele ukungazithandi kubantu bakithi abaqhubekayo nokudayisela izingane zethu izidakamizwa okuzenza zingabi namlando ezizigqaja ngawo ngoba ziqhubeka nokuzibulala ngezindlela ezinhlobonhlobo,” kusho uSol Hadebe.
UMnuz Nathi Malinga onguNobhala weSouth African Democratic Union egatsheni iMathew Meyiwa uthe igumbi negumbi lokufundela kufanele izingane zilihloniphe njengendawo yesiqalo sokuzabalazela impilo engcono nengenabo ubuphofu.
Uthe lokhu kuzoba yimpumelelo uma le-laboratory isetshenziswa kahle bese kusizakala nezingane ezingafundi eSibukosezwe kwazise yiyona vo kulendawo.
UDkt Sipho Lombo ongomunye wekomiti labafundi abavula lesi sikole unxuse izingane ngokubambelela embonweni wabo wokuqalwa kwezinhlelo ezizoqhubekelisa phambili wonke umuntu.
“Kufanele sibe yisizwe esiqala izinto zaso, zidluliselwe kwezinye hhayi ukuthi siqhubeke nokwamukela esinikezwa ngabanye, thina singazisebenzeli. Ngalesi sakhiwo izoqhamuka imiphumela ezoyisa isizwe phambili,” kuphetha uDkt Lombo.
Impumelelo yokusebenza kwalesi sakhiwo nemikhiqizo yaso izovusa umnotho wendawo ubuyele eminyakeni yama-1960’s okwakunenqwaba yezimboni, abantu beqashwa lapho bethanda khona.
Lesi sikole sibe ngesokuqala ukugubha iminyaka engama-50 sasungulwa kanti yisona sodwa neqembu likanobhutshuzwayo elalijoyine kwiMpumalanga Football Association.
Asigcinanga lapho sadlulela phambili saba neqembu lomculo werock elalibizwa ngeMillionaires.
Emva komgubho weminyaka engama-50 alesi sikole kukhishwe ushicilelo lokuqala olubizwa Isibukosezwe High School ngenhloso yokujwayeza abafundi ukubhala nokuveza amkhono abo emikhakha enhlobonhlobo.
Njengamanje kune-newsletter ekhiqizwa ngabafundi bakuso lesi sikole, okulindeleke ikhule ngosizo lwephephandaba lomphakathi elibizwa Isibukosezwe Online elitholakala ku-www.isibukosezwe.com
