
100 yasungulwa kanti izobe isuka eMgungundlovu ibheke eThekwini. Isithombe: Comrades
Marathon Association.
Nash Ngcobo
ICOMRADES Marathon Association (CMA) okuyinhlangano ehlonishwa umhlaba wonke ngomjaho wayo waminyaka yonke iComrades Marathon, izonquma ngekusasa lalo mjaho wangonyaka ozayo emhlanganweni wayo oyisiphesheli ongoNcwaba 1 (August).
Lezi zindaba ziqinisekiswe wusihlalo walenhlangano uMark Leathers emva kokuvunguza komoya wokungayingeni kwe-ASA okokuphuma ujosaka kweCMA ngokungayithobeli iKZNA.
IComrades Marathon ngonyaka ozayo izogubha iminyaka eyi-100 kanti ukubakhona kwayo kulawulwa yiKwaZulu-Natal Athletics ethola enhle kubadidiyeli balo mjaho.
Lokhu kungezwani phakathi kobuholi be-CMA neKZNA kuveze nemibono echaphazeleka ukungabikhona kweComrades Marathon okungumjaho omkhulukazi emhlabeni.
Iphini likaMengameli we-ASA uJohn Mathane ubusole kakhulu ubuholi beCMA ngokungafuni ukusebenzisana nobeKZNA nazo zonke izinhlangano zezejubane.
Kuvela nokuthi i-CMA ibisicabanga nokuzimela ngoba ingafuni ukukhokhela iKZNA intela ngalo mjaho, okuyinto uMathane ayihlabe wayihlikiza.
ULeathers ulibeke ngembaba elokuthi umhlangano oyisipesheli yiwona ozophuma nesinqumo sokuthi kuqhubekani ngalo mjaho kulesi simo esingesihle phakathi kwalezi zinhlangano ezibangayo.
“Sizibophezele ekusebenzisaneni nazo zonke izinhlaka ezengamele ezokugijima egameni lokuletha ubungcono kulomdlalo, abazibandakanye kwezejubane nabo bonke ababeka iComrades Marathon
ezinhliziyewni zabo.
“Zonke izindlela namaqhinga okuletha ubungcono kuzokhulunywa kabanzi ngakho kulo mhlangano oyisipesheli bese iCMA imemezela izinhlelo zayo ezibheke phambili,” kusho uLeathers.
Khona manjalo isifunda Umzinyathi sizidlele amahlanga kwiNational Youth Run 10km okungumjaho wezingane ezisahamba isikole owandulela iComrades Marathon, osekuneminyaka engaphezulu kweyi-10 wasungulwa.
Leave a Reply