
Jerome Thabethe
IMBONGI esencane kubukeka sengathi iya kude kulomkhakha wokuhaya nokucikoza kanti injalo nje ibuye ibe ngumbhali wezinkondlo.
Lensizwa igama abizwa ngalo uMthunjwa Yithuna, kodwa igama lakhe langempela nguSphelele Dlamini, ohlala eKhabazela Village e-Avoca Hills eThekwini. Uthi uthando lokuba yimbongi lwamngena esemncane, olwabhebhetheka esefunda amabanga emfundo aphezulu eKwesethu High School.
Lesi yisona sikhathi aqale ukuxhumana ngaso nezinye izikhungo zamaciko ukuze athole ulwazi olungeziwe kanti isikhungo angene ngaphansi kwaso kube yiKushobani Poetry yaKwaMashu.
Uthi kwaba yilapho ethole khona ithuba lokuzibonakalisa ikhono lakhe nokumholele ekubeni yimbongi engusaziwayo.Inkondlo aqala ngayo isihloko sithi “Salute kuwe slender ” ikhuluma mayelana nothando kanye nezinye.
Kwabe sekuvuleka namathuba okuba abizwe emcimbini eyahlukene okubalwa kuyo i- Quote Poet, iDurban Poetry Show, iForsaken Thought, Ziveze Art Show nezinye.
Okunye useke waqokwa waba njenge-Male Performance and Writers) kuma- KZN Poetry Awards, wathola ithuba lokubizwa emsakazweni Izwi Lomzansi, ohlelweni “Sicikoza namaciko.”
Esephetha ukhuthaza nabanye abafisa ukungena kulomkhakha ngokuthi kubalulekile ukufunda izincwadi ngoba lokho kukodwa kuyawulolonga umqondo. Unxuse namanye amaciko ukuthi kumele umsebenzi wawo awubhalise ngokusemthethweni ukuze uhlale uvikelekile ekuntshontshweni kanjalo nokuthi abawusebenzisayo bawukhokhele.