INomaswazi High isazoqhubeka neRed Talent Day

Posted by:

|

On:

|

BEKUKUHLE kudelile kanje emcimbini iRed Day Talent yabafundi baseNomaswazi High abebekhombisa ngamakhono anhlobonhlobo muva nje. UMiss Indoni kube nguNompumelelo Ntshingolo kanti uMiss Nomaswazi kwaba ngu-Anele Madlala.

INOMASWAZI High School esungulwe ngabamnyama enkabeni yedolobha uMgungundlovu, isizoqinisa ekuhlomiseni izingane ngamakhono anhlobonhlobo.

Lesi sikole esisungulwe ngo-1992 ngenhloso yokukhuphula izinga lemiphumela yebanga le-12, sesizilethele ukuhlonishwa futhi sazifaka embangweni walezo eziyizimbangi KwaZulu-Natali.

Lokhu kuqinisekiswe nguthishanhloko waso uDkt Mandla Mkhize ngenkathi kuneRed Talent Day muva nje.

Uthe bazoqinisa ekugqanyisweni kwamakhono anhlobonhlobo izingane ezingaziphilisa ngawo ngale kokuba yizifundiswa.

Imikhakha ebigqame kwiRed Day Talent yi-modelling, imvunulo yesintu, umdanso wonyawo lwempungushe (Ballroom & Latin American Dance), Miss And Mr Nomaswazi High.

Akugcinanga lapho ukugqanyiswa kwekhono kudlulelwe ekuhayweni kwezinkondlo (poets), inkulumo mpikiswano (debate), umshado wesintu, imidanso enhlobonhlobo yesimanje kuvale uMiss Indoni.

Umgqugquzeli walo mcimbi uNkk Khanyile uthe inhloso enkulu yesikole wukulungiselela izingane ukuba ngabaholi abakwaziyo ukubhekana nezimo ezinhlobonhlobo.

” Kufanele baqale manje ukuzibandakanya nezimo zokuba ngabaholi, ukubona olunye uhlobo lomsebenzi izingane ezingaziphilisa ngayo.

“Isibonelo salokhu ngesomfundi obenguMiss Nomaswazi High nyakenye u-Aminah Makhwasa osesebenza kwi-Call Centre, asizwe kuwo wukuzethemba ukuze awuthole.

“Lokhu ngeke kugcine ku-Aminah, kodwa baningi abazosizakala ekuzihleleleni ikusasa eliqhakazile emikhakheni eyahlukene,” kusho uNkk Khanyile.

Ezinye izindaba ezimnandi zokugqanyiswa kwamakhono eNomaswazi wukuba ngompetha beFA Cup kanobhutshuzwayo wezikole edlalelwa yizikole ezinkulu esiFundeni uMgungundlovu.

Ngempelasonto kaNcwaba 29&30 (August), lesi sikole sizovikela lendebe emqhudelwaneni ozodlalelwa eHilton College.

Posted by

in

4 responses to “INomaswazi High isazoqhubeka neRed Talent Day”

  1. Mandla Ngwane Avatar
    Mandla Ngwane

    Muhle umsebenzi
    . Phambili nokuqhakambisa amasiko nobuciko .

  2. Delisile Ngcobo Avatar
    Delisile Ngcobo

    Thank you

  3. Delisile Ngcobo Avatar
    Delisile Ngcobo

    Ngiyezwa

  4. ZP Conco Avatar
    ZP Conco

    Well done Nomzswazi High. You have to maintained the highest standard of the education consistently throughout. Keep your bar high. Good luck for the class of 2026 in advance.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *