IPatriotic Alliance ifuna kubuyiswe isigwebo sentambo

Posted by:

|

On:

|

UMENGAMELI wePatriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie ofuna kubuyekezwe umthethosisisekelo
wezwe bese kubuyiswa isigwebo sentambo kobulele.

Nash Ngcobo


YINI lena enhle nenconywa kangaka wumhlaba ngomthetho sisekelo waseNingizimu Afrika oshaywe emva kokutholakala kukaHulumeni weNtando yeNingi?


Lo mbuzo ubhekiswe esiShayamathetho sikazwelonke nazo zonke izinhlaka zomthetho ezibonakala emphakathini zintekenteke, zivuna ababulali ababukeka bekujabulela lokhu abakwenzayo.


Lokhu sekuphoqe umholi wePatriotic Alliance uMnuz Gayton McKenzie waphumela obala ukuthi iqembu lakhe lizophakamisa ukubuyekezwa komthethosisekelo.

Uthumele umyalezo wokuthi uma bethola ukwesekwa kulo lukhetho oluzayo, bazonxenxa izinhlangano bakhulume ngazwi linye ekulungiseni ngevoti konke okungalungile ezweni.


Eqhulwini kulokhu kubuyekezwa komthethosisekelo, wukubuyiswa kwesigwebo sentambo kumuntu obulele.


Uthe lokhu kuzokwenzeka emva kophenyo olunzulu ngokubulala kanjalo nesimo lowo obulele abengaphansi kwaso.


“Akukho muntu ozovele agwetshwe intambo ngaphandle kokucutshungulwa okunzulu kwecala lakhe, ukubulawa kwabesifazane nezingane akusabekezeleki kanti nohulumeni akayiqinisi imithetho kulabo ababoshwayo.


“Ezikoleni akubuyiswe ukufundiswa ngezenkolo, yonke imisebenzi yezandla eyafenyiswa ngokungenasidingo ngokufika kuka lo hulumeni okhona.


“Akubuyiswe uhlelo lokufundisa izingane zabafana ukuhlonipha izwe nabantu besifazane abakulona (conscription campaign) bese zifundiswa ukuba nezinto ezizijulukele hhayi ukuphila ngobugebengu nokucindezela abanye abantu,” kusho uMcKenzie.


Uphethe ngokunxusa zonke izinhlangano zabesifazane ngokudla ngakhezo lunye ekugqugquzeleni
ukubuyekezwa komthethosisekelo obukeka uvuna inkohlakalo esiqede namathuba emisebenzi entsheni.

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *