

Ntobeko Mzimela
IZIHLABANI zeNetball zakulesi sifundazwe zehlelwe yimana eqhamuke kwaNetball South Africa ngenxa yokuzimisela nokuzinikela kwazo.
Lezo ngoThulisile Maduna waseNanda noNozipho Gojas Ntshangase waseNseleni abangabanye bababadlali abayi- 17 abasayine izinkontileka namaProteas.
Lezi zinkontileka ziqale ukusebenza ngoMbasa 1 (April) kanti zizophela ngoNdasa (March) wangonyaka ozayo
Ngokwezinkontileka imiholo yabo izogcinwa iyimfihlo kodwa bazokhokhelwa ngokwesipiliyoni, imidlalo abanayo eqenjini lesizwe nokunye.
Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zihlabani zeKingdom Stars beziyingxenye yeqembu lesizwe, zithole ithuba lokudlala ngesikhathi kunochungechunge lwemidlalo elakuleli litholene phezulu ne-England ekuqaleni kwalonyaka.
Kulindeleke ukuthi lezi hlabani zidlale indima enkulu eqenjini leKingdom Stars njengoba kuzoqala isizini ka-2026 yeTelkom Netball League kusasa ngoLwesihlanu eDurban University of Technology.