
ngoMfumfu 10.
Nash Ngcobo
INHLANGANO ebhekele izindaba zesizwe sakwaMkhize ebizwa Ubumbano lwaBambo, kulonyaka ihlele ukugubha lo lusuku ngokukhumbula elinye lamalungu alo okwakuyintatheli uMnuz Khaba Mkhize ongasekho.
Lesi sifundo esiyisikhumbuzo sizokwethulwa nguzakwabo uDkt Lakela Kaunda emcimbini ozokuba seSharks Board eThekwini ngoMfumfu 10 (October) ngo-10h00 ekuseni.
UDkt Kaunda usebenze noMkhize iminyaka eminingi kwiThe Natal Witness nakwi-Echo, abashiya kule nkampani sebejoyina izinhlaka zikahulumeni wentando yabantu.
UMnuz Mkhize ungenye yezingqalabutho zezintatheli ezama nabantu emzabalazweni wokulwa nenqubo kahulumeni wobandlululo ngokugqamisa isibindi salabo ababelwa nalenqubo kahulumeni wamaNeshinali nalabo ababengovuma zonke.
Enjalo nje uKhaba wayengumbhali wezinkondlo nemidlalo yeshashalazi omunye wayo i “Pity Maritzburg” owawukucacisela bha ngesimo uMgungundlovu namaphethelo owawukusona ngesikhathi uhulumeni wamabhunu uqhatha abantu abamnyama.
Ngaleso sikhathi wayengayekile ukuhlaba ahlikize le nqubo ngepeni lakhe abuye acikoze njengosonkondlo.
Ngesikhathi sekungena uhulumeni wentando yeningi uqashwe njengeMenenja yeSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ezinze KwaZulu-Natali kanti wagcina esesenhloko hhovisi yale nhlangano.
UBumbano lwaBambo olusungulwe cishe eminyakeni eyi-10 eyedlule, luhlose ukugqamisa isibongo sakwaMkhize kanjalo nomlando waso ngokugqugquzela konke okuhle okwenziwa ngamalunga aso.
Eminyakeni eyedlule ibonge yabungaza amalungu ayo okubalwa uDkt Zweli Mkhize, uLindelani Mkhize, uMjaphani Mkhize kanti muva nje bekunguZamambo Mkhize naye owasebenza isikhathi eside kwaSABC wagcina esephathe isikhundla esifanayo nesikaKhaba.
Ngokusho kukaDkt Mandla Mkhize ongusihlalo wale nhlangano, ziningi izinhlelo abanazo njengoba besanda kwembula itshe likaZihlandlo ngenhloso yokufundisa nokukhanyisela isizukulwane ngokuceba komlando wabantu bakwaMkhize.
Sinjalo nje lesibongo sinamaKhosi ayi-13 anezizwe zawo kanti enjalo nje awaconsi neze phansi eNdlunkulu kaZulu njengoba aqala ukukhonza kuyo ngezikhathi zeLembe uShaka kaSenzangakhona.
Silandele futhi udlulisele (share) nakwabanye izindaba zale liphephandaba bese ubeka umbono wakho ekugcineni kodaba.
www.isibukosezwe.com /https://isibukosezwe.com.
Email:johnngcobo1192@gmail.com phone/whatsapp 0833010869
Leave a Reply