
Nash Ngcobo
ABANGAYITHOLI ibheyili ababulali, akwenziwe ubulungiswa, umthetho uqinise isandla. “Phansi nababulali nabahlukumeza abesifazane nezingane”.
Le mibhalo izophinde ibonakale ezingqwembeni zabazolalela icala labasolwa ngokubulala uNks Lindiwe Dlamini elizongena enkantolo kamantshi eHammarsdale kusasa ngoLwesithathu ngo-9h00 ekuseni.
UNks Dlamini ubulawe ngesihluku ngokudutshulwa amahlandla ayi-16 esemotweni ngoNhlolanja 19 (Feb) ebuya emhlanganweni webandla eNtshongweni. Emva kwalesi sehlakalo kuboshwe uthisha.
Ubulawa nje uNks Dlamini ubephunyuke ekuthunjweni ngabantu ephuma emzini wakhe e-Unit 6 (H) elokishini iMpumalanga eHammarsdale, bathatha yonke imali yakhe ebhange maqede bayomthumba eThornwood/Dassenhoek. Kulokhu kuthunjwa wabuyela ekhaya engenamyocu.
Kunezinsolo eziqinile zokuthi omunye wababophi betulo ubenolwazi olunzulu ngokuthi unemali kwazise ubesanda kuthatha umhlalaphansi ebutisheni.
Ubuhixihixi obuqubuke ekuthathweni kwesinqumo, kuholele ukuthi le licala lihlehle amahlandla ayi-7. Maningi amacala alo luhlobo, athinta umphakathi aqulwa kule nkantolo, kodwa isiphetho sawo esigcina ngokungagculisi noma avele ahoxiswe.
Ukusukuma komphakathi waseHammarsdale ngodaba lukaNks Dlamini, kuvuselele ubunye ekulweni nanoma yiyiphi inkohlakalo. Osekusalele izakhamizi zaseNingizimu Afrika wukubambana, ushaye inhlaba luhide (march) ubheke emaphalamende amathathu akuleli uyofuna ukubuyekezwa komthetho sisekelo wale lizwe.
Okuphambili kulokho kubuyekezwa ukubuyiswa kwesigwebo sentambo kubabulali, kuqiniswe izigwebo zabadlwenguli namasela ukuze kuphele inkohlakalo nokungalawuleki kwezingane okugubuzele izwe.