Nash Ngcobo
LIZOLALELWA okwe-9 icala lokubulawa kukaNks Lindiwe Dlamini enkantolo kaMantshi waseHammarsdale kusasa ngoLwesihlanu ngo-9h00 ekuseni.
Le licala okungelokuthumba nokubulala, alisukumisanga umphakathi waseHammarsdale kuphela kodwa iKwaZulu-Natali yonkana ngokufuna ukuthi umthetho wenze ubulungiswa.
Ubulungiswa obufunwa wumphakathi, wukunganikezwa kwabasolwa ibheyili.
Akugcini ngokunqatshelwa kwabo ibheyili, kodwa kuhambisana nesigwebo esiqinile.
Izinhlangano ezahlukene zaseHammarsdale namaphethelo zimema umphakathi uzoqinisa idolo umndeni waKwaDlamini kulobu bunzima obhekene nabo.
Izwi lomphakathi ngelokwenziwa kobulungiswa nokuthi umthetho udlale indawo yawo.
Maningi amacala agcina ephelele obala ngenxa yokungabikhona kwengcindezi yomphakathi.
Le ngcindezi yiyona kanye esihoxise izicelo zebheyili kubasolwa nosekuholele ekuhlehleni kwale licala amahlandla ayi-8.
