Ngeke akukhohlwe akutshelwa wumlungu eZimbabwe

Posted by:

|

On:

|

 Nash Ngcobo

ISOTSHA loMkhonto weSizwe leLuthuli Detachment, lithi alisoze lakukhohlwa elakutshelwa yiphoyisa lomlungu eZimbabwe ngo-1980. Le lisotsha elasinda entanjeni emva kokuboshwa ladonsa iminyaka eyi-10 ejele nguMnuz Thula Bophela ongowaseNanda eThekwini.

Lapha kwakulwelwa ukukhululeka kweZimbabwe isabizwa ngeRhodesia, eyayiqhoqhobelwe ngamaNgisi ngaphansi kobuholi bukaMnuz Ian Smith. Impi yabamnyama yayihlanganise amasotsha e-African National Congress (ANC) naweZimbabwean African People’s Union (ZAPU) eyayiphakwe nguMnuz Joshua Nkomo ongasekho.

Le mpi yangena eWankie Game Reserve ngo-1967 yahlasela iRhodesian African Rifles (RAR) neRhodesian Light Infantry (RLI). Lo mlungu nguRonald Stanley Peters owayeyi Homicide Chief yamaphoyisa eMatebeleland.

Amazwi kaPeters ayethi: Sengiluphothulile uphenyo ngecala lenu, sengizoludlulisela ku-Attorney General Bosman ozonquma ilanga lesigwebo. “Ngizoninquma nonke, kodwa kufanele ngikutshele ukuthi niyakwazi ukulwa ngezikhali kodwa ngeke ninqobe.”

Ngaleso sikhathi uBophela wayengowokugcina eqenjini labo ukuvela eNkantolo eNkulu iSalisbury. Babeboshwe yiBritish South Africa Police (BSAP). Wayeboshelwe amacala amane okubulala.

UBophela wambuza uPeters ukuthi uchazani ngale nkulumo yakhe, owamphendula kanje: “Mnuz Bophela ngisho amasotsha angcono kakhulu empini ngeke anqobe uma ulwazi ngawo luthunyelwa esitheni ngamanye awo kanjalo nezikhulu eziphezulu zenhlangano alwa egameni layo, akwenza ngaphambi kokuqala kwempi.”

Uqhubeke ngokuthi base benolwazi ukuthi amasotsha eZapu ehlangene nawoMkhonto weSizwe ayeza azolwa nabo bengamaNgisi aseRhodesia.

“Kufanele ngincome lapho kufanele khona ikakhulukazi emva kwempi, yingakho ngithi nilwa kahle ngempela kodwa ngeke ninqobe,” kusho uPeters. UBophela wambuza uPeters ukuthi usho kanjani ukuthi abanqobanga ngoba izwe seliphethwe ngaba mnyama.

INgisi laphendula ngokuthi oBophela abanqobanga impi ngoba umnotho usasezandleni zabamhlophe. Liqhubeke lathi nalabo abanqobe izwe ngepolitiki basadla entendeni yabamhlophe okuseyibona abaqhoqhobele umontho.

Lokhu kushiya umbuzo wokuthi bakwenza kanjanijani abamhlophe nokuthi ababuyisa izwe labo kufanele bazihlinzekele kanjani ukuze baphathe nomnotho.

Kubonakele kuwo wonke amazwe athole inkululeko ngevoti kodwa amandla omnotho asala ezandleni zabamhlophe. Lo myalezo usobala ngokwenzeka kwipolitiki yaseNingizimu Afrika njengoba sekunoHulumeni wokuBusa ngokuBambisana.

Muva nje sekunenqwaba yamaqembu epolitiki afuna ukuphatha izwe ngenxa yamaphutha enziwe yi_ANC isaqhoqhobele amandla epolitiki yakhohlwa wukubuyisela umnotho kulabo owaphucwa bona

Lo nyaka ngowokhetho loHulumeni baseKhaya, abazolawula ukusebenza nokuphathwa komasipala. Abavoti mabakhohlwe yipolitiki eshibhile ezogcina ngokubulala umnotho, okuzohluphekisa kakhulu iningi njengoba kuyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Kunamaqembu asekhulume kwazwakala izihosha ethi azobuyisa umnotho, kodwa alucaci uhlelo lwawo, kuzwakala kumnandi ukukhefuza kodwa ayingangamlomo.

Akungenzeki lokhu okwashiwo nguPeters kuBophela, okuwukubandlululana ngamandla omnotho, ukuzicabangela kwabasemandleni nezisu zabo.abaphathi bezwe abangenamona, ababeka uquqaba phambili. Kufuneka abazophatha izwe ngendlela ezothuthukisa noquqaba hhayi bona nezingane zabo.

UMUZ Joshua Nkomo umholi weZAPU owayephaka izimpi zokubuyiselwa kweZimbabwe kubantu abamnyama, okuthe sebenqobile kwavuka eyobuhlanga uMnuz Robert Mugabe esebandlulula amaNdebele kaNkomo namaShona aseHarare okuyinto esenzeka namanje eZiimbabwe.

Posted by

in