Omunye umlando kaSeptember 12 eNingizimu Afrika

Posted by:

|

On:

|

UDANNY Jordaan osafuna ukuqhubeka nokuphatha iSafa noSandile Zungu ofisa ukuletha uguquko
namava amasha.
AMALUNGU eSouth African Masters & Legends Football Association akhalela ukuvunguza komoya
woguquko kwiSafa.

Nash Ngcobo


USUKU lukaMandulo 12 (September) lungolubaluleke kakhulu kwi-Azanian People’s Organization (Azapo) eyayilwa nokungabikhona kobulungiswa kubabusi bengcindezelo baseNingizimu Afrika, okwabulawa ngalo ngesihluku umholi wayo uStephen Bantu Biko ngamaphoyisa obandlululo.


Lokhu kwangena emabhukwini omlando ekulweleni ubulungiswa obabufunwa ngabamnyama kubabusi bukahulumeni wengcindezelo ngo-1977, okwalandela ukuvalwa komlomo kwezinhlangano ezazikhuza umhlola ngombuso wamabhunu.


Kusasa kuzoba ngelombango wesikhundla sokwengamela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika lapho uSandile Zungu ephonsela uDanny Jordaan inselelo ekuholeni iSouth Africaan Football Association (Safa), umphumela walo mbango uzocacisa ukuthi libheke kuphi ikusasa lalomdlalo ezweni.


Kuningi osekwenzekile okungekuhle ekuholweni kweSafa osekuvele emehlweni omphakathi kodwa isixazululo sakho esingajabulisi neze ikakhulukazi ekuthuthukisweni kukanobhutshuzwayo.


Abantu abanamadla okuletha uguquko ngososeshini abangama-52 abanelungelo lokuqoka nokukhipha umholi weSafa, ngale kwalokho kuyohlala kukhonondwa.


Muva nje kubikwa ukuthi iSouth African Masters Legends Football Association eyilungu leSafa imisiwe ngokungayigcini eminye imithetho nokuyincisha ithuba lokuvotela umengameli.


Kunamahebezi okuthi zombili lezi zikhulu azisabuthi qothu ubuthongo ziphuma zingena emihlanganweni nobuholi bezifunda ukuze amavoti azo ezovuna zona, nokho kuyinto eyenziwa noma ngubani osembangweni wokhetho.


Eminyakeni emine eyedlule uJordaan eqokwa wayephakamise ukuthi ngeke esalungenela lo lukhetho njengoba esesha amashushu okuqhubeka.


Kunaluphi uju kulesi sikhundla, oluhalisa uJordaan yize enesikhundla kwiConfederation of African Football nakwiFederation of International Football Association?


Imithombo eminingi yezindaba isibike ukungenami okukhulu ngokufuna ukuqhoqhobala kukaJordaan lesi sikhundla, ithi akadedele ubuholi obusha.


Ulwazi lwakhe aseluzuze kunobhutshuzwayo kusukela kusungulwa iSafa ngo-1992 bathi akaludlulisele kubaholi abasha abanemiqondo emisha.

Akayeke ukwenzisa kwabaholi bepolitiki abangayihhoyi eyokudedela nokufundisa intsha okuwumkhuba omubi emazweni ase-Afrika.


Yize lungakaqini ukhakhayi kuZungu ekuphatheni unobhutshuzwayo, kuthakaselwe kakhulu asekwenze ezikhundleni aziphethe kubalwa noguquko aselwenze eqenjini lakhe AmaZulu FC.


Kuningi okusafanele kwenziwe ekuthuthukisweni kukanobhutshuzwayo okubonakala umengameli okhona ehluleka wukukwenza noma kungasali ezinkulumweni zakhe, kodwa akwenzeki.


Ikusasa elihle lokuphathwa kukanobhutshuzwayo wakuleli lisezandleni zalabo abanelungelo lokuvota okuyothi uma ukuvota kwabo kungahambanga kahle, isizukulwane esizayo esiyothimisela amathuna
abo ngamathe.

Posted by

in