
Zoloh Millicent Guma
UJABULELE ukuthola uthando olusha lwe netball onguSihlalo weSports Confederation yaseMkhanyakude, uTallman Sibiya ngenkathi lesisiFunda sengamele iKwaZulu-Natal Premier’s Netball Cup ebidlalelwa eManguzi Multi-Purpose Centre ngempelasonto.
Lemidlalo eyaqalwa ngonyaka ophelile inqotshwe iBeach Blitz yaseThekwini kowamanqamu ebibhekene kuwo eyne – Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo eyehlule ngamagoli angama 48 kwangama 33.
USibiya uthe bona njengeqembu ebelengamele lemidlalo bazibona bebaluleke kakhulu ngezinga le netball elikhonjiswe kulemidlalo athi uyafisa ukuba iphinde ibuye.
“Umdlalo we netball ubungavamile kangaka kwazise imidlalo ejwayelekile nethandwa kakhulu ibhola likanobhutshuzwayo. Manje sengithole uthando olusha lwe netball. Ngiyafisa ukuba lemidlalo ingasuki kulesi sifunda, idlalelwe kulendawo njalo,” kusho uSibiya
Ukuthakasele ukuthi nomphakathi uphume ngobuningi bawo ukuzothamela lemidlalo futhi wakhombisa ukuweseka amaqembu abedlala kusukela iqala ngoLwesine yaze yaphothulwa ngeSonto.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball uGugu Ngema ubonge abathameli nabaxhasi ngokuzinikela yize belishisa likhipha umkhovu etsheni, akakhohlwanga yiqhaza labakwa-Aquelle lokuqinisekisa ukuthi abadlali abawasweli amanzi nokuzigcina bepholile ukuze bagweme nokoma.
“Sithanda ukudlulisa ukubonga kakhulu kuNdunankulu wesiFundazwe, uThami Ntuli ngokusithemba njenge netball okuwumdlalo onganakekile kangako wangagcina lapho kodwa wanxenxa umnyango ukuba usixhase ngendlela ongasixhasa ngayo bangaxhasi imidlalo ejwayelekile kuphela kodwa nebhola lomnqakiswano nalo lixhaswe ukuze lisimame,” kubeka uNgema.
Owamanqamu weKZN Premier’s Netball Cup udlalwe iBeach Blitz yaseThekwini ne -Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo nalapho ezaseThekwini zithathe lesisicoco beshaya ababengoshampeni ngonyaka ophelile.
Amaqembu abedlala kulemidlalo abehlukaniswe ngamaqoqo nalapho kwiqoqo lokuqala bekukhona Inkosi All Stars (King Cetshwayo), i-Ocean Netters (eThekwini), iPlace of Elephant (Umgungundlovu), uGu Stars (uGu), iKing Shaka (iLembe), be vigilant Eagles (Zululand).
Kwiqoqo lesibili bekukhona iBeach Blitz (eThekwini), iPeacemakers (aMajuba), iDragon Mountain Ladies (uThukela), iBuffaloes (uMzinyathi), uMkhanyakude Bateleurs ( uMkhanyakude) neHarrycains (Harry Gwala).