UMasipala weTheku ukhulekela ukuthula nobulungiswa

Posted by:

|

On:

|

ABAHOLI bamahlelo ahlukene bebambisene neHuman Resource Directorate kaMasipala weTheku bemasha
ngenhloso yokuthandazela abasebenzi bomkhandlu ukusebenza ngobulungiswa, ukwethembeka
nokuthula.

Nash Ngcobo
IZINKINGA ezikhungethe iNingizimu Afrika ezigqame kakhulu kuxoshwa abantu bokufika abakuleli ngoba bengenazimvume, sezigqugquzele uMasipala weTheku ukunxusa uMdali ukuthi konke okusazokwenzeka kube nobulungiswa nokuthula.


Lokhu kubonakale ngenhlabaluhide (march) yawo wonke amahlelo nabaholi bemikhakha eyahlukene emphakathini abakhombise ukuthi konke okusazokwenzeka, kwenzeke ngobulungiswa nangokuthula.


Le mashi ebiholwa yiHuman Resources Directorate kaMasipala kuhloswe ngayo ukuvuselelwa konembeza kubasebenzi bakahulumeni, impilo enhle, ukungabi neminwe emide kubasebenzi ezimalini zomkhandlu, ukusebenzela abakhokhi bentela ngeqiniso nangokwethembeka.


Izinkulumo zokuxoshwa kumbe ukuphindiselwa emakubo kwabantu bangaphandle abakuleli ngaphandle kwezimvume, azikhombisi ukuphelelwa wubuntu nonembeza kodwa zigcina umthetho wezwe, ziqinise ukubhekelelwa kwabasekhaya kuqala kunabokufika.


UMasipala weTheku ubukhombisile ubuntu ngokuhlelela abokufika indawo yokufihla amkhanda waphinde wabahlelela izinto zokubathutha beyolindela izinto zokuzobayisa emakubo.


Kwenzeka lokhu nje amazwe abaqhamuka kuwona akubonakali minyakazo yohulumeni bawo bokubalanda ngaphandle kweGhana ebalande ngendiza eyisipesheli.


Bekuthandazelwa ukuqhubeka kweTheku ngokulethela kwabantu izidingo, ubuholi obuqotho, ukukhula komnotho phezu kwezimo ezinhlobonhlobo ezikhungethe abantu ekuphileni.


UKhansela uNtando Khuzwayo uthe lo mthandazo uyisikhumbuzo sokuthi ukholo luyinsika ekuvikeleni zonke izinhlobo zezinselelo nezilingo bese lusibhekisa ezinguqukweni eziletha ukuthula.


“Ukholo nobunye lusinika amandla okunqoba izinto ebesizibona zingeke zinqobeke. Konke lokhu kungamandla kaNkulunkulu azosikhombisa indlela okuyiyo ukuze silethe uguquko oludingwa yisizwe,” kusho uKhansela Khuzwayo.


Uphethe ngokuthi uma abasebenzi besekelekile ngokukamoya oyingcwele, banikezwa amathuluzi afanelekile, bagqulele izimpilo zabantu ebungconweni kwakheke nemiphakathi ephilile nephephile okuyizinto ezinobuNkulunkulu.


Konke lokhu okushiwo nguKhansela Khuzwayo kungakuhle uma kungabhekiswa kubo bonke abaholi abasephalamende likazwelonke nakomasipala abancane nabakhulu, iningi labo eselilahlekelwe wunembeza nobuntu.

Posted by

in

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *