

Nash Ngcobo
UKUDLA umhlanganiso kweTheku ngokuphinda lisingathe i-Africa Travel Indaba, kubhebhezelise ifulegi lokuphakama komnotho weKZN.
Akugcinanga lapho osomabhizinisi abancane nabasafufusa bahleke bodwa beklonyeliswa kwiDurban Business Fair Excellence Awards muva nje.
Kufika lezi zindaba nje iTheku belisingathe ngenkulu impumelelo lomcimbi wezokuvakasha kwenzekile ulonyaka njengoba kwenzekile iminyaka emihlanu eyedlule njengoba seligixabezwe ngeminye futhi ezayo.
Ukuqokwa kweTheku ngokusingatha lomcimbi omkhulukazi kwezokuvakasha emhlabeni, kunikeza le lidolobha amathuba okuheha abatshali zimali abakhulu kulona.
Akungatshazwa ukuthi iTheku lidlisela amanye amazwe namadolobha ngobuhle bamabhishi alo, izindawo ezisezingeni eliphezulu ukubambela imihlangano emikhulu.
Lokhu kuhlabana kweTheku kuzoqala ngo-2026 kuze kube ngu_2031, okukubeka ngokusobala ukuthi ibuholi bezwe kufanele busike iphethini ngokwenza kahle kwale lidolobha elilokhu liqhubekile ngokungaconsi phansi ezivakashini.
Selikhombise kaningana iTheku ukuthi lingawulawula umnotho weNingizimu Afrika uma linikezwa amandla okukwenza. UNgqongqoshe wezokuVakasha uNkk Patricia de Lille uzwakalise okukhulu ukuziqhenya ngamagalelo eTheku.
UMeya uCyril Xaba yena uthe kuyinjabulo engachazeki ukusingatha kwedolobha lo mcimbi eminye iminyaka emihlanu ilandelana.
Uma sibuyela kwiDurban Business Fair Excellence Awards, osomabhizinisi abaqokiwe balithokozele le lithuba. Abahlabane ngoR50 000.00 iVukani Art, Uthando Glow Skin emkhakheni wamabhizinisi aphethwe yintsha.
ILunyezi Farms ihlabane kwiRural/Township Business Awards, iRefresha Trading Enterprises yanqoba kwaphethwe ngabesifazane.
Kwabasafufusa Ulozolo Co-operative luhlabane ngoR20 000.00, iThe Basket Studio yathola uR10 000.00. Kwasesimeme i-Elolami iklonyeliswe ngoR40 000.00, iJune D Cakes yathola uR20 000.00.
Kowe-Entrepreunership Excellence Awards iBidy Wood Design Manufacturing ehlabene ngoR50 000.00 kwavala iNomndayi Projects ngoR30 000.00