Usezakhele ugazi umculi we -AfroPop

Posted by:

|

On:

|

Jerome Thabethe
UMCULI osemncane ocula i-AfroPop ukhombisa impumelelo endimeni yomculo. Igama abizwa ngalo uSilwane kodwa elangenmpela uNtuthuko Sibiya.

Uhambo lwakhe luqiniswe wukuzimisela nothando kanti ukwesekwa ngabalandeli abaqotho kuyenze yaba lula lendlela ayithathile.

USilwane ngokudabuka ungowaseMpangeni esigodini saKwaMthethwa, uthi uthando lwakhe lomculo lwaqala esemncane.

Umsebenzi wakhe uthi uqale ukuhleleka ngowe- 2018. Ngokufuna amathuba angcono wasefudukela eThekwini ukuze kufezeke amaphupho akhe omculo.

Ngowe- 2024 wakhipha ingoma yakhe yokuqala esihloko sithi “Mnganami ” wabe eseyifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Uthi le ngoma yabe seyichuma kakhulu yamvulela amathuba amaningi, ukuthi acule emcimbini eyahlukene.

Useke wacula emcimbini eshiyelana inkundla nabaculi abadumile okubalwa kubo uBig Zulu, iMusiholiq, Intaba yeDubai kanye nabanye.

Impumelelo yakhe enkulu ifike ngesikhathi Intaba yeDubai imcela ukuba babambisane kwingoma esihloko sithi “Missed Call ” abayikhiphe ngonyaka odlule.

Lengoma uthi yiyona eyenze ukuba athole ithuba lokubizwa emisakazweni eyahlukene, okubalwa kuyo Intokozo FM nomsakazo omkhulu Ukhozi FM neminye.

Umculo wakhe uyadlalwa emisakazweni embalwa. Kulonyaka ukhiphe ingoma ebambisene nomculi kamskanda “Ichule elihle” bakhiphe izingoma ezimbili.

Isihloko sazo sithi “Lo owamanje ” iyi – AfroPop nethi “Ngibuyela ekhaya” yona ewumaskandi.

Uthi kule ngoma bafake uTsepo Zulu odlala indawo kaNkazimulo emdlalweni kamabonakude uZalo, ongena kumaskandi. Bazibiza ngeqembu iMbube.

Useke wanandisa e- UKZN Howard college, iMnqobi Yazo Tour nakwezinye.

Esephetha uthi ziningi nezinye izindawo abasozihambela beyonandisa okubalwa nesifundazwe iLimpopo.

OSESITHOMBENI uSilwane Ntuthuko Sibiya

Posted by

in