Author: Zwelethu
-
Uyamenywa ececeni laKwaNene
UMNDENI waKwaNene kaMakhapha eNgilanyoni, uyanimema ececeni elizosuka ekhaya liye KwaDlamini khona endaweni elingoZibandlela 6 (December). Kule licece bazoshadisa indodakazi yabo uNelisiwe. Bacela umndeni, izihlobo, abangani nomakhelwane babaphelezele ukuyojabula nabo kulo mndeni. Isimemo sikhishwe nguMnuz Nkanyiso Nene. Read more
-
Kubatshazwe ubumnene kufihlwa uMazibuko
Nash Ngcobo UKUKHULA ngaphansi kwesandla esiqinile sabazali akumenzanga waba nenhliziyo elukhuni uMnuz Nhlanhla Erick Mazibuko ofihlwe ngoMgqibelo sanda emva kokugula isikhashana. Izingane eziningi zivame ukukhula nenzondo kubazali, abaqinisa isandla ekukhulsweni kwazo, akubanga njalo kuNhlanhla, kodwa kuqhakambe uthando nokuzwelana nabanye abantu. Lokhu kubonakale futhi kwakhulunywa ngakho enkonzweni yokumphelezela ebiseMariannhill Hall eNagina. Umculo obusho phezulu kumakholwa aseMethodist, ufakazele impilo… Read more
-
Kumenywa osomabhizinisi esifundweni esiKwaDabeka
Nash Ngcobo ISTHANDOKUHLE Holdings imema bonke osomabhizinisi esifundweni sokucobelelana ngolwazi (seminar) esiKwaDabeka ngoZibandlela 16 (December). Lesi sifundo siseBaptist Church J 249 Khul’leka Drive, siqala ngo-10h00 siphele ngo-12h00. Kuvunyelwe noma ngubani ukusihambela lesi sifundo kanti kungenwa mahhala. Ukubhalisa kuvalwa ngoLwezi 17. Kungashayelwa uStha ku-0718856424 noma nge-email: sthandwankwanyana@gmail.com Read more
-
Kuqhudelana izikole ngegalofu
Nash Ngcobo. UKUTHUTHUKISWA komdlalo wegalofu, obekubonakala kunganakiwe kuzogqama eNu Range Hillcrest ngoLwezi 22 no-29 (November) Lokhu kulandela inhlabamkhosi yesimemo sezikole ezizokhiphana inkani kulo mdlalo obizwa ngeGolf Clinics 2025. Lezi zifundo ezingaphansi kweLuyanda Gumede Young Golfers South Africa, kuzoqhudelana kuzo izikole ezinhlanu. Lezi zikole zizomelwa ngabadlali abangaphansi kohlelo lokuthuthukiswa kwegalofu KwaZulu-Natali naseNingizimu Afrika yonkana. Abafuna eminye… Read more
-
Anconyiwe amagalelo abahwebi baseKZN
Nash Ngcobo NAKUBA benconyiwe abahwebi bemboni yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natali ngokulandela imithetho, bagqugquzelwe ngokuqinisa ekulweleni amalungelo abo nokuhweba ngendlela ehlelekile. Kulokhu kuhleleka kubalwa ukusebenza ngaphansi kobunye futhi bangavumeli ukuxhoshwa nokuqonelwa ngabantu bokufika ezindaweni zabo. Lokhu kugqame enkulumweni yosuku kaNgqongoshe wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali uMfu Musa Zondi esidlweni sokuvala unyaka seSisonke Liquor Traders Association ebesiseThekwini muva… Read more
-
Ungashiywa yi-Afro Orchestra eStable Theatre
Nash Ngcobo ABATHANDI bomculo we-orchestra bazodikelwa wona usuthakwe nowesintu eStable Theatre eThekwini ngoLwezi 8 (November). Le likhonsathi lethulwa yiKhabza De Khabza Art Centre ku-115 Johannes Nkosi ( Alice St) ngo-14h00. UVusi Mkhize ongumdidiyeli wale likhonsathi uzophinde aqophe neqembu lakhe. Amathikithi aseyatholakala ePick n Pay ngo-R100 noR50 kwasebehola impesheni. Emnyango ngosuku lwekhonsathi azobiza uR150, abempesheni uR80.… Read more
-
Isinabaxhasi i-U/15 Siyakhula Cup
Nash Ngcobo UMQHUDELWANO waminyaka yonke i-U/15 Siyakhula Cup ogqugquzelwa AmaZulu Community Trust, usuxhaswe yiHollywood Foundation. ISiyakhula Cup osekungunyaka wesihlanu ikhona, izodlalelwa ngabafana namantombazane ngoLwezi 1 no-2 (November) eKings Park Outer Grounds eThekwini. Iqembu elizodla umhlanganiso lizoklonyeliswa ngo R10 000 kanti wonke amaqembu azogqokiswa yiHollywood Foundation. UMenzi Ngcobo obemele uHollywood uthe unobhutshuzwayo uyisinongo sokwamukelana komphakathi, yingakho… Read more
-
Isikhonjwa eNgilanyoni eka-U/15
Nash Ngcobo PHEZU kokuba iSouth African Football Association (Safa) ingebukhali ekugqugquzeleni imidlalo yeligi yabasebancane, umphakathi awuzibekile phansi ngemiqhudelwano ka-U/15. Lo mkhuba omuhle ojwayeleke eThekwini sewenabele naseNgilanyoni eMid-Illovo. Lokhu kuzobonakala eNgilanyoni Sports Ground ngoLwezi 29 (November) lapho okuzobangwa isiteki sika-U/15. Amaqembu afuna ukungenela, asavumelekile njengoba ezoqhathwa ngoLwezi 23 khona eNgilanyoni. Kujoyinwa ngoR250 kanti kuvulelekele wonke amaqembu… Read more
-
Izokhala ePrincess Magogo eyoSuthu
Nash Ngcobo ABALANDELI baMaZulu FC uSuthu Olumabhesh’ ankone bazobhekisa amabombo emhlanganweni omkhulu osePrincess Magogo Stadium ngoLwesihlanu ngo-10 kuya ku 14h00. Lo mhlangano ubizwe nguMengameli woSuthu uSandile Zungu, azokwethula kuwo izinguquko ezizokwenzeka eqenjini. Njengamanje iqembu lisemkhankasweni wokukhuphula isibalo sabalandeli,okuyinto ebhekwa yinoma yiyiphi inkampani enxenxelwa ukuzoxhasa iqembu. Kulindeleke ukuthi uSuthu lube selinabalandeli abayi-1000 000 ngowe-2032, okungunyaka oluzogubha… Read more
-
UMasipala uMsunduzi umema abezemidlalo
Nash Ngcobo UMASIPALA uMsunduzi odume ngele-City of Choice umema izinhlangano zemidlalo ezifuna ukusebenzisa iHarry Gwala Stadium ukuba zifake izicelo. Le nkundla okuyiyona yodwa esezingeni elifunwa yiPremier Soccer League, ayinaqembu eliyisebenzisa njengenkundla yasekhaya. Lesi simemo esikhishwa wuMasipla uMsunduzi, silandela imibiko yakamuva ebonakale ezinkundleni zokuxhumana ebigxeka isimo lenkundla ekusona esingesihle ngotshani obungasikiwe nokunye okuyehlisa isithunzi. Ihhovisi lezokuXhumana… Read more