Author: Zwelethu

  • Ujabulele ukuthola uthando olusha owe- Sport Confederation

    Zoloh Millicent Guma  UJABULELE ukuthola uthando olusha lwe netball onguSihlalo weSports Confederation yaseMkhanyakude, uTallman Sibiya ngenkathi lesisiFunda sengamele iKwaZulu-Natal Premier’s Netball Cup ebidlalelwa eManguzi Multi-Purpose Centre ngempelasonto. Lemidlalo eyaqalwa ngonyaka ophelile inqotshwe iBeach Blitz yaseThekwini kowamanqamu ebibhekene kuwo eyne – Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo eyehlule ngamagoli angama 48 kwangama 33. USibiya uthe bona njengeqembu… Read more

  • Izoqiniswa ngabasafunda i-eThekwini Basketball

    Nash Ngcobo. UKUQOKWA kobuholi obusha be-eThekwini Basketball, kulokozisa inhlansi yokuvuka nokuqina kweqembu leBasketball KwaZulu-Natal. Lokhu kusho ukuphela nya ukugxiliswa kokudlalwa kwebasketball ezindaweni ezithile kodwa kuzosatshalaliswa ezifundeni eziyi-10 zoMkhandlu weTheku. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguPrince Zondi ongusihlalo weThekwini Basketball. Uthe zonke izifunda eziyi-10 kuzofanele zisebenze kanzima ukuba namaqembu azoholela ekwakhelweni izinkundla. “Akuzugcina ngezinkundla kodwa kuzovuselelwa ukudlalwa kwebasketball… Read more

  • Ufuna ukwenza okwahlukile uMkhambathi FC

    Nash Ngcobo UKUZETHEMBA kwabaphathi nabadlali boMkhambathi FC esigabeni seSafa ABC Motsepe ngokufinyelela ezingeni elikhokhelayo, kulindeleke kubonakale le liqembu selidudulana neMillford FC kwiLast 16 yeNedbank Cup khona maduzane nje. Le liqembu elihlanganise amaWadi angaphansi kwesiFunda seTheku noMgungundlovu, lifisa ukubalwa nalawo agijima esigabeni esikhokhelayo kungekudala, okuzofakazelwa wukuphathwa kwalo ngokuseqophelweni eliphezulu. Lokhu kuqinisekiswe wumphathi walo uNtuthuko Mlaba obonge… Read more

  • Ibhekwe ngabomvu imiklomelo yeZululand Ultra Marathon

    Nash Ngcobo UKUBUYISWA kweZululand Ultra Marathon 56km esanda kwethulwa yiZululand District Municipaitykungase kwandise isibalo sabagijimi abasazongenela iComrades Marathon 2026, okumanje aseqalileamalungiselelo ayo. IZululand Ultra Marathon izosukela Ondini iphelele KwaNongoma ngoMbasa 19 (April) ngo-6h00,okulindeleke kuwo izinkumbi zabagijimi nokuphela kwendlala yeminyaka emine kungabonakalimakhono abagijimi bawo. Lo mjaho usezingeni laleyo okungenelwa ngayo iComrades Marathon eminye yawo ethe chithi… Read more

  • Ingama-23 eyokungenela iComrades Marathon 2026

    Nash Ngcobo IMINGENELO yakamuva yeComrades Marathon 2026 esiqubulo sayo sithi ”Ungapheli Amandla- Ska Fela Moya“ engama-23 ezoginjwa kulenyanga kaNhlolanja (February), emithathu yayo iKwaZulu-Natali. Umjaho wokuqala oKwaZulu-Natali ubizwa ngeHillcrest Marathon uzoba ngeSonto. Ibanga lawo elizophindwa kabili kanti inhloso enkulu ngawo wukujwayeza abagijimi indawo enemiqansa kwazise iComrades yalo nyaka iyenyukela. Sekunyaka wama-50 lo mjaho usuka eCity Hall… Read more

  • Kuzongenwa mahhala kwiDurban Open

    Nash Ngcobo ISUNSHINE Tours, uMasipala weTheku, iHotel Planner Tour ngokubambisana neJonsson Workwearbazoletha umqhudelwano wegalofu obizwa ngeDurban Open ozodlalelwa eDurban Country ClubngoNhlolanja (Feb) 19-22. Lo mqhudelwano osezingeni lomhlaba obiza izi-R6 million) ngokwamadollar aseMelika kuzongenwamahhala kuwona ngenhloso yokusondeza bonke abantu ngaphandle kokubandlululwa ngokwebalanangokwephakethe labo. Lapha kuzodudulana oshampeni baseNingizimu Afrika, e-Afrika nasemazweni omhlaba ukufakazelaubukhulu beJonsson Workwear Durban Open.… Read more

  • Ikhonjwa entshonalanga nasenyakatho indebe ye-Afcon 2025

    Nash NgcoboUKUZINZA kwamaqembu asentshonalanga nokuqubuka esiswini kwawasenyakatho ye-Africa kwi-Afcon 2025, kuzojabulisa abalandeli njengoba kuzodudulana amaqembu alezi zindawo. Isasasa lalo mdlalo wukuthi akwaziwa mbhantshi kujiya njengoba ifinal kulindeleke ibe phakathi kwentshonalanga nenyakatho kanti abanye balindele idlalwe ngawasentshonalanga kuphela. Umdlalo weQuarterfinal yalo mqhudelwano uphakathi kwe-Egypt esibe ngompetha balendebe kasi-7 ezodudulana kuwo neSenegal engompetha bango-2021. Ngawo lonyaka okunqobe… Read more

  • Akungalahlwa mbeleko ngeBafana Bafana

    ,

     Nash Ngcobo UKUKHISHWA kweNingizimu Afrika kwiLast 16 ye-Afcon 2025 yiCameroon ngo 2-1, makufundise abagadli ukubaluleka kokusebenzisa amandla nobuchule bokushaya amagoli ngokushesha. Ukujwayeza abadlali ukudlala ndawonye kanjalo nohlobo lwesikimu abasidlalayo, ukwehlisa uvalo lobukhulu bomdlalo, kuzoyisebenzela iBafana Bafana kweyeNdebe yoMhlaba Ukwehlulwa yiCameroon akusho ukuthi sekuphelile ngeBafana, okubalulekile nje wukuzilungiselela kakhudlwana kukaHugo Broos nethimba lakhe ngemidlalo ezayo. Lokhu… Read more

  • Ngeke akukhohlwe akutshelwa wumlungu eZimbabwe

     Nash Ngcobo ISOTSHA loMkhonto weSizwe leLuthuli Detachment, lithi alisoze lakukhohlwa elakutshelwa yiphoyisa lomlungu eZimbabwe ngo-1980. Le lisotsha elasinda entanjeni emva kokuboshwa ladonsa iminyaka eyi-10 ejele nguMnuz Thula Bophela ongowaseNanda eThekwini. Lapha kwakulwelwa ukukhululeka kweZimbabwe isabizwa ngeRhodesia, eyayiqhoqhobelwe ngamaNgisi ngaphansi kobuholi bukaMnuz Ian Smith. Impi yabamnyama yayihlanganise amasotsha e-African National Congress (ANC) naweZimbabwean African People’s Union… Read more

  • U-Cogta uzoqinisa isandla komasipala

    Nash Ngcobo UKUTAKULWA kukaMasipala Impendle ngomholo wabasebenzi wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natali kuphoqa lo mnyango ngokuqinisa isandla ekuphathweni kwabo bonke omasipala. Lokhu kulandela ukugcinwa kwesithembiso salo mnyango sokuholela abasebenzi bakaMasipala Impendle ngoZibandlela njnegoba bebengaholelwe. UNgqongqoshe walo mnyango uMfu Thulasizwe Buthelezi owayethembise ukuholela abasebenzi, usigcinile leso sethembiso kulandela ukungabi khona kozinzo kuwo ekuphathweni kwezimali. UShenge… Read more